Kulindelwe isinqumo kwelikaPistorius
2013-02-22 14:03
Pretoria - Kulindeleke ukuthi iNkantolo yeMantshi yasePitoli ikhiphe isinqumo esicelweni sebheyili esiqhubekayo, nesifakwe ngumsubathi u-Oscar Pistorius obhekene necala lokubulala intombi yakhe.
IMantshi uDesmond Nair udlulise icala wathi uzokhipha isinqumo uma kubuywa ekhefini ngo-14:30, umsolwa ubhekene necala lokubulala unobuhle abethandana naye uReeva Steenkamp.
Abameli bakaPistorius babhekane nobunzima beqophisana nabashushisi abaphikisa ibheyili, akaze azikhulumele uPistorius.
Ummeli uBarry Roux ukhulume koma amathe ezama ukuchazela inkantolo ngemizuzu ngemuva kokuthi kudutshulwe uSteenkamp, uthi ngemuva kwesehlakalo umsolwa wagijima wayovula umnyango kuze kuzokwazi ukuthi kungene abantu abalethe usizo.
"Linjalo nje iqiniso elenzeka, akukho okungahleli obala ngalokhu engikuchazayo," kusho uRoux.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA