Kulindeleke ukuthi uMalatsi aye ejele

2012-11-13 14:02

Cape Town - Lowo owayengusopolitiki uDavid Malatsi uzogweba iminyaka eyisihlanu esejele kulandela ukubhuntsha kwesicelo sakhe sokuphikisa isinqumo senkantolo sokumthola enecala lenkohlakalo.

IJaji eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape uPatrick Gamble akathathanga ngisho umzuzu efunda isinqumo sesicelo, wacacisa ukuthi "isicelo sichithiwe kanti ukutholakala enecala kuqinisekisiwe".

UMalatsi owayenguNgqongqoshe wezeMvelo esifudazweni ubengekho enkantolo ngesikhathi kwethulwa lesi sinqumo.

Abameli bakhe abazange batholakale ukuba baphawule ngokuthi ngabe uzozinikela nini ejele, uma ezokwenza lokho.

Ngo-Okthoba 2006, iNkantolo yesiFunda eKapa yathola uMalatsi enecala lenkohlakalo ngokwamukela u-R100 000 afumbathiswa wona ngokuphasiswa kokwakhiwa kweRoodefontein Golf and Country Estate, yize kwakukhona ukukhathazeka kokuqhubeka kwalolu hlelo ngenxa yokuphepha kwezemvelo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-26°C Heavy rain late. More clouds than sun. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...