Kulindeleke isinqumo ngoSelebi

2011-12-05 07:37

Johannesburg - Kulindeleke ukuthi abameli bakalowo owayengukhomishana wamaphoyisa uJackie Selebi bavele eNkantolo eNkulu yaseGoli ukuthi bamncengele ukuthi kuhlehliswe isikhathi sokuthi aye ejele, kusho iNational Prosecuting Authority (NPA).

"Abameli bakhe baveze ukuthi uSelebi ngeke akwazi ukuya ejele ngeSonto, sibe sesiyabayalela ukuthi kumele balandele imigudu ethile," kusho okhulumela iNPA uMthunzi Mhaga ngoMsombuluko ekuseni.

Kubikwa ukuthi uSelebi waquleka ngoLwesihlanu ngesikhathi ezwa isinqumo seNkantolo eNkulu yokuDluliselwa kwamacala.

Wagwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele kulandela imibiko ethi wamukela iimali evela kumshushumbisi wezidakamizwa uGlenn Agliotti.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...