Kulimale umsebenzi efemini
2012-07-24 08:05
Johannesburg - Kumbulwa kwembeswa kowesilisa osebenza efemini olimale kabi ngesikhathi kuqubuka umlilo efemini eGermiston ngoLwesibili ekuseni, kusho abezimo eziphuthumayo eGauteng.
Kukholakala ukuthi lokhu kuqhuma kudalwe "yinto noma uketshezi oluthile obubekwe emlilweni," kusho okhulumela iNetcare911 uJeffrey
Wicks.
Abosizo lokuqala bathole lo wesilisa eshe kabi ebusweni, esifubeni nasezingalweni.
Ube esephuthunyiswa esibhedlela iNetcare Union.
UMnyango wezabaSebenzi uzophenya ngale ngozi.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA