Kulimale ozithwele engozini eThekwini

2012-11-29 07:54

Durban - Intombazane ekhulelwe yaseNanda ithole ukulimala ngesikhathi itekisi ebiyigibele ishayisana neloli kuChris Hani Road, eThekwini, isendleleni eya kovakasha ejele.

Kule ngozi kulimale nabanye abantu, okubalwa nengane eneminyaka eyisithupha ubudala.

Umshayeli wetekisi ubehleli eceleni komgwaqo ebukeka edidekile.

Ubabezala wale ntombazane enezinyanga eziyisihlanu ikhulelwe, nengeke ikhishwe igama ngoba ineminyaka engu-16 ubudala, uthe bebeyovakashela indodana yakhe ejele.

"Ukube bengazi ukuthi sizokwehlelwa yilo mshophi bengingeke ngihambe naye," esho.

Umshayeli wetekisi uHlonipheni Mdada uthe: “Ngibuhlungu, izinto zimbi, ngiyaxolisa kakhulu angazi nami kwenzekeni ngoba sengishayele itekisi kusukela ngo-2009, kanti awukho omunye umsebenzi engiwaziyo."



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Sesimi ku-9 isibalo sabashonile engozini

Emizuzwini eyi-18 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...