Kulimale iziboshwa ejele eFree State

2013-01-08 07:27

Bloemfontein - Zilinganiselwa ku-50 iziboshwa ezithole ukulimala ngesikhathi zinyathelana ejele iGroenpunt Prison, eseDeneysville, eFree State.

Isibhudubhudu siqubuke ngesikhathi kutheleka amaphoyisa ngoLwesibili ekuseni, kulandela isehlakalo sangoMsombuluko ebusuku, sokushiswa kwejele, ekuthiwa kwenziwe ngezinye iziboshwa.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Peter Kareli, utshele abezindaba zeSapa wathi isimo sigcine sinokuthula.

"Sizobuyela emuva ukuyophenya ukuthi yini ebidale kube khona isiphithiphithi."

UKareli uthe abasebenzi abahlanu nabo bathole ukulimala okungatheni.

Abezindaba zakwa-SABC babike bathi bayisishiyagalolunye abasebenzi abalimalille, bathi isiphithiphithi siqale ngesikhathi iziboshwa ezibalelwa ku-228, zizama ukuvimba amaphoyisa ekutheni angene ngaphakathi ezindlwini zazo.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ahoxile amacala abavukuzi abangu-279

Emizuzwini eyi-30 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-16°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. Pta: 12-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 9-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 8-19°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 18-22°C Showers early. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...