Kulimale iphoyisa e-KZN
2011-02-25 14:30
Durban - Kudubuleke kwalimala iphoyisa KwaMsane ngesikhathi egasele ethungatha izikhali ezingekho emthethweni, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.
“Kudubuleke kwalimala iphoyisa ngesikhathi egasele endaweni yaKwaMsane izolo ebusuku. Liyiswe esibhedlela ukuze liyothola ukwelashwa, kanti isimo sakhe sichazwe njengesibucayi," kusho owamaphoyisa uColonel Jay Naicker.
Uthe amaphoyisa angene emzini othile acela umnikazi ukuthi avule umnyango.
“Umsolwa ube eseyanqaba ukuvula umnyango waqala wadubula ebhekise ngasemaphoyiseni. Ube eselimala ezingalweni zombili uWarrant Officer Khumalo waseMpangeni,” kusho uNaicker.
Amaphoyisa namwo abe esephindisela ngenhlamvu ebulala uNomdoshi Ndlovu, 60.
Kutholakale izibhamu ezimbili kulo muzi.
- SAPA