Kulimale amaphoyisa embhikishweni

2013-01-21 12:02

Johannesburg - Kulimale amaphoyisa amabili ngoMsombuluko ngesikhathi kunemibhikisho elokishini laseZamdela eSasolburg, kusho amaphoyisa aseFree State.

"Kushubile eZamdela. Kunamaphoyisa alimele futhi ayahlaselwa," kusho uConstable Peter Kareli.

Izakhamuzi, ebezibhikishela ukungahambisani nezinhlelo zikamasipala, zijikijele amatshe zavala nomgwaqo.

Imoto yamaphoyisa iNyala ibhajwe odakeni ababhikishi baqonda khona bayohlasela amaphoyisa abengaphakathi.

"Kusetshenziswe izimoto zamanzi nezinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza isixuku. Nebhanoyi elinophephela emhlane nalo belidubula ngezenjoloba," Kusho uKareli.

Imibhikisho iqale ngeSonto ngesikhathi izakhamuzi ziphuma emhlanganweni.

Abeneme ngohlelo lokuhlanganisa iSasolburg noMasipala waseNgwathe.

Kuboshwe abantu abalinganiselwa ku-90 babekwa amacala okudala udlame emphakathini ngeSonto ngesikhathi sebezitapela nasezitolo ezisendaweni.

"Kuboshwe nabanye ezintathakusa ngoMsombuluko ngesikhathi beqhubeka nokungena ezitolo ngo dli," kusho uKareli.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-32°C Showers early. Morning clouds. Hot.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Showers early. Partly cloudy. Mild. PE: 18-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...