Kulimale abane kuba nokuqhuma ePhoenix
2013-02-22 16:14
Durban - Abantu abane balimele esehlakalweni sokuqhuma kwegesi esenzeke ethempelini elisePhoenix, enhla nedolobha laseThekwini, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.
Okhulumela abakwaNetcare 911 uChris Botha uthi abantu ababili basesimweni esibucayi wathi abanye ababili bathole ukusha kanzima.
UBotha uthi abantu abalimele bebepheka ngaphakathi ethempelini elikuLongcroft Drive, ngesikhathi kwenzeka ukuqhuma ngezithuba zawo-11.38am.
Ngesikhathi kutheleka abahambisi boziso kanye nezicishamlilo, bafike abalimele sebekhishelwe ngaphandle, laba bathuthelwe esibhedlela esiseMhlanga.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter