Kulimale abane engozini yesitimela eManzimtoti
2012-12-11 07:14
Johannesburg - Abantu abane balimele ngesikhathi isitimela esiyiguzu siphonseka emfuleni eManzimoti, ngaseThekwini, kusho abezimo eziphuthumayo.
Ingozi ynzeke ngezithuba zasekuseni ngoLwesibili.
"Umfula obudla izindwani uphazamise ukuhamba kwesitimela, kwagcina kudaleka ingozi," kusho okhulumela abakwaNetcare 911, uChris Botha.
Abahambisi bosizo oluphuthumao batheleke endaweni yesehlakalo, bafica abantu abane belimele futhi bethuke kakhulu, begodola.
"Ngemuva kokuthola ukwelashwa endaweni yesehlakalo, babe sebedluliselwa esibhedlela iNetcare Kingsway.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).