Kulimale 40 emcimbini wesonto ePitoli

2015-10-11 14:03

Johannesburg - Kulimale okungenani abantu abangu-40 ngesikhathi kusuka isiphithiphithi begxobana ngezinyawo emcimbini wesonto elisePitoli, ngeSonto ekuseni, kusho abezimo eziphuthumayo.

Lesi sibhudubhudu sisuke sekuzoshaya u-08:00 eTshwane Events Centre.

"Abantu batshele abosizo lokuqala ukuthi bebemile ngaphandle kwesango belinde ukuthi kuvulwe, ngesikhathi abebesemuva beqala bebaphusha befuna ukungena ngenkani," kusho owe-ER24 uWerner Vermaak.

"Isango libe seliyavuleka abantu bawela phansi, abangemuva bahamba phezulu kwabo."

UVermaak uthe phakathi kwabalimele kabi kubalwa owesifazane obalelwa eminyakeni eko-60 ubudala, olimale kabi esinqeni.

Abantu abangu-13 kulaba bayiswe esibhedlela.

"Abanye abantu bathole imihuzukwana banqaba ukuya esibhedlela bathi bafuna ukuba yingxenye yomcimbi wesonto," kusho uVermaak.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...