Kulimale 28 engozini eFree State
2012-12-24 10:39
Johannesburg - Kulimale abantu abangu-28 ngesikhathi kushayisana izimoto ezimbili netekisi eBloemfontein, kusho abezimo eziphuthumayo ngoMsombuluko.
Okhulumela iNetcare 911 uSanti Steinmann uthe le ngozi yenzeke ngabo-23:00 ngeSonto.
"Oyedwa ulimale kabi, abanye baphume nemihuzukwana."
USteinmann uthe abalimele baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole ukwelashwa.
Imbangela yengozi ayicacanga kanti uthe kuyaphenywa ngayo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA