Kulimale 12 kusha ifemu eKZN
2012-02-02 07:32
Durban - Kulimale abantu abangu-12 kwahlengwa izilwane ezinhlanu ngesikhathi kusha ifemu oThongathi, KwaZulu-Natal, kusho abosizo lokuqala.
Lo mlilo uqubuke ngezithuba zawo-15:00 ngoLwesithathu, kusho okhulumela iNetcare 911 uChris Botha.
“Abosizo lokuqala nezicishamlilo bafike kule ndawo bathola ibhilidi lisha ubuhanguhangu,” esho.
Abantu abangu-12 balashelwe ukuhogela intuthu.
“Ukushisa komlilo kwenze kwaba nzima ukuhlenga izinja ezimbili namakati amathathu, kodwa sibhukule kwaze kwalunga," eqhuba.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA