Kulengiswe umama kwabulawa nezingane ezine
2012-12-03 12:03
Johannesburg - Kutholakale owesifazane elenga esihlahleni esibuqamama ngamakhilomitha amathathu nasemkhukhwini wakhe, ekube sekutholakala kuwo izingane zakhe ezine zibulewe.
Lokhu kwenzeke eSkeerpoort, eNorth West, kusho amaphoyisa.
Izingane ezibulewe ziseminyakeni esukela ezinyangeni ezintathu, iminyaka emibili, eneminyaka eyisikhombisa kanjalo neneminyaka eyishumi ubudala.
Izingane zitholwe nguyise wazo, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Sabata
Mokgwabone, ubaba wezingane kuthiwa ubecabanga ukuthi zilele wase ethuswa ukubona zithatha isikhathi eside zingavuki.
"Unkosikazi utholakale elenga esihlahleni, elenga ngendwangu ebomvu."
UMokgwabone uthi ubaba wezingane ugcine ukuzibona ziphila ngoMgqibelo, imbangela yokubulala ayikaziwa.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA