Kukhwabanisa abaxakeke ngempela - Undunankulu

2012-11-15 16:28

Johannesburg - Ukukhwabanisa yicala imvamisa elenziwa ngabantu abaxakeke kakhulu kwezomnotho nakwezinye izimo zempilo, kusho uNdunankulu wase-Eastern Cape, uNoxolo Kiviet.

"Imvamisa akubi ngabantu abasuke bevele beyizigebengu," esho enkulumweni yakhe ayethule emhlanganweni obizwa nge-International Fraud Awareness, obanjelwe e-East London.

"Basuke sebephelelwe ngamaqhinga bengazi ukuthi kumele benzeni, abantu kuyenzeka bazithole besesimweni ezinzima bengasakwazi nokukhokhela izikweletu, banakekele imindeni, kokunye bahluleke nokuzinakekela bona uqobo..."

Emsebenzini kuyenzeka babhekane nengcindezi yokuqashana ngokwazana, ukukhetha amabala nakho kuyabenza abantu bagcine sebekhwabanisa.

"Into embi ngalolu hlobo lobugebengu wukuthi sebebaningi abantu ababenzayo, abantu abasha babona abaholi benza lobu bugebengu bese nabo beyayengeka," kusho uKiviet.

"Ukukhwabanisa akwenzeki ezulwini, kwenzeka nje emini abantu bebhekile, benziwa ngabafowethu, ngobaba, omama,abangani nabantu esibaziyo."

Undunakulu uthe isifundazwe i-Eastern Cape sinomthetho ovimbela abasebenzi bakahulumeni ekutheni benze amabhizinisi nohulumeni.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...