Kukhuzwe ukuhlukunyezwa kwezaguga

2012-11-05 08:19
Yabelani Shicilela

Durban - UNgqongqoshe wezokuThuthiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uWeziwe Thusi, ugxeke ukuhlukunyezwa nokubulawa kwabantu asebekhulile oShabeni, wabe esekhulekela nokuthula  njengoba kuza ukhetho lokuchibiyela kuleli sonto.

Alinganiselwa ku-5 000 amalungu omphakathi, abehambisana nezikhulu eziqokiwe, abebe buthene etendeni elikhulu eVusuShaba Stadium ngosuku lomkhuleko.

Badumise kakhulu bedansa, becela ukuthula, nozinzo kwezepolitiki, ukuvikelwa kwabadala nokuba kuqedwe nya ukudlwengulwa kwabo.

kukhulekelwe ukuthula okhethweni oluzoba ngoLwesithathu ku-Ward 4 Oshabeni.

Lolu khetho luze ngemuva kokudlula emhlabeni kwekhansela uNtombenhle Gcabashe kulandela ukugula.

Umkhankaso walesi sikhundla usuze nodlame kwabe-ANC, njengoba muva nje kwabulawa uSihlalo wegatsha uDumisani Malunga kanye noNobhala uBheko Chiliza abadutshulwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...