Kukhuthazwa ukuhlolela i-HIV/Aids emanyuvesi
2012-03-13 07:20
Durban - Bayalelwe ngokubaluleka kokuzivikela kubhubhane
lwengculazi abafundi baseDurban University of Technology (DUT) ophikweni
lwaseThekwini, kubika iSolezwe.
Laba bafundi bebeyalwa yiPhini
likaShansela uSolwazi Ahmed Bawa othe yize zikhona izindawo ezibekiwe
ukuthi zibaseke kodwa yibo okufanele bazithathele izinqumo ezizobakhipha
ogibeni lokuthola leli gciwane.
I-DUT beyethula uhlelo lokuhlolela
ingculazi kubafundi abenza unyaka wabo wokuqala olwaziwa ngeFirst
Things First. Lolu hlelo luyingxenye yalolo olugqugquzelwa wuMnyango
wezeMpilo wokuhlola abafundi.
Lesi sikhungo siyingxenye
yezikhungo ezingu-23 kuleli ezizosebenza kanzima ekugqugquzeleni
abafundi bazo ukuthi bahlolele lesi sifo. Sezizonke lezi zikhungo
zizibekele ukuhlola abafundi abangu-35 000 kulo nyaka.
Yize bebengebaningi abafundi ngesikhathi kuqhubeka lolu hlelo kodwa abaphethe izinhlelo zokuhlolela lesi sifo bebenethemba.
UNkk Thobile Zulu ophethe iHIV/Aids Centre,
eDUT uthe kusukela beqale lo mkhankaso ngeledlule eMgungudlovu abafundi
bebelokhu bethelekile bezohlola.
“Ngeledlule sihlole abafundi
abangu-200 ngosuku, izinsuku ezintathu. Kulokhu sizimisele ngokuhlola
abangu-2 500, ezinsukwini ezinhlanu,” kusho uNkk Zulu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24