Kukhona abadala uqhekeko ku-ANC – Mantashe

2011-09-21 09:58

Johannesburg - Amanye amalungu e-ANC angenza noma ngabe yini ukutshala uqhekeko phakathi kwale nhlangano, kusho uNobhala Jikelele wayo uGwede Mantashe etshela iphephandaba iThe Star.

Embikweni wangoLwesithathu, leli phephandaba licaphune uMantashe ethi leli qembu lizogubha iminyaka engu-100 lasungulwa ngonyaka ozayo liqembuke kakhulu kunalokhu elaliyikho ngo-2007.

Ukuphawula kukaMantashe -- okuqukethwe ngumbiko oya kwi-national executive committee (NEC) -- kuveze isithombe sokulwa okukhona ngaphakathi eqenjini nokuthi leli qembu liyahluleka ukulandela umgomo walo wokungacwasani ngokwebala.

Uthe uya ukhula umkhuba wokutshala uqhekeko kuleli qembu.

Ubebhekise enkomfeni yango-2007 eyayisePolokwane nalapho kwakhishwa khona esikhundleni owayengumengameli uThabo Mbeki, uMantashe uthi amanye amalungu ale nhlangano asekubona njengesiko ukuqembuka.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...