Kukhalwa 'ngoswazi oluncane' kuJub Jub

2012-12-06 07:46

Johannesburg - Izihlobo zabafundi ababulawa nabalinyazwa nguMolemo “Jub Jub” Maarohanye noThemba Tshabalala engozini zidinwe ziyaveva ngesigwebo ezithi sithambile esinikwe laba.

“Iminyaka engu-25 ayanele neze,” kusho omunye wo-anti babafana ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseProtea ngaphambi kokwehliswa kwesigwebo.

“Umnika kanjani umuntu iminyaka engu-25 ngokubulala izingane ezine? Lesi sigwebo sincane kakhulu. Abanye abantu bathola iminyaka engu-15 ngokubulala umuntu oyedwa nje vo."

UMaarohanye noTshabalala bagwetshwe iminyaka engu-20 umuntu ngamunye ngokubulala, nemine ngokuzama ukubulala.

Babe sebethola unyaka owodwa ngokusebenzisa izidakamizwa, ukushayele becwile ezinkambeni zikaFaro nokubekelelana emgwaqeni womphakathi.

“Anizange nihlele ukwenza ingozi, kepha yazenzakalela ngakho inkantolo ngeke ikwazi ukuninikeza udilikajele," kusho iMantshi uBrian Nemavhidi.

UJub Jub uzosiphikisa lesi sigwebo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...