Kukhalwa ngosolwazi ocwasayo eKZN

2013-01-21 10:03
Yabelani Shicilela

Durban - Kusuke uthuli lwezichwe ngemuva kokuthi odokotela abayisithupha baseThekwini besola usolwazi wase-University of KwaZulu-Natal ngokukhuluma amagama alumelayo.

USolwazi Anunanthan Reddi, nophinde abe yiNhloko yeziphathelene nenhliziyo eNkosi Albert Luthuli Central Hospital, uziphendulele ngokuthi labo dokotela kumele bamunxephezele ngo-R2m, kubika iSunday Tribune.

UReddi ukhala ngokuthi uboshelwe amanqina enyathi.

Odokotela abayisithupha -  oGerard Roderick Alexander, Surendra Naidoo, Noel Julian Buckles, Direndra Rajaruthnam, Kaven Naicker no-Ebrahim Mansoor - bafake uhlu lwezitatimende ezike zashiwo uReddi, nokubala phakathi ukubiza kwakhe odokotela abamnyama ngamakhafula aphinde athi odokotela bamaNdiya "banengqondo yobukula".

Kusolakala nokuthi uReddi uke wajivaza inkolo yamaSulumane, nokuthi abantu abamnyama abanayo impucuzeko.

Kuthiwa waphinde wathi akazi ukuthi unkosikazi womunye udokotela umbekezelela kanjani njengoba enuka kanje.

UReddi uthi uqanjelwa amanga.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-19°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 17-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...