Kukhalwa ngokuqeqeshwa kwamaphoyisa

2013-01-16 14:04

Pretoria - NgoMsombuluko ntambama, uConstable Michael Thembani Tshomela, 31, udutshulwe washona, nokusolakala ukuthi udutshulwe amalungu amaphoyisa asesiteshini saseJeppestown.

Manje ukufa sekwenze kwagxilwa ekuqeqeshweni kwamaphoyisa, kubika iphephandaba iThe Star.

Kube yisigameko esibi sokuphambanisa umuntu okungeyena esenziwe ngamaphoyisa ngokungalandeli inqubomgomo kanti futhi kukhombisa nezikhala ezikhona ohlelweni lokuqeqeshwa kwamaphoyisa, kusho ungoti.

UDr Johan Burger, ongumcwaningi e-Institute of Security Studies, uthe nakuba engenayo imininingwane egcwele ngesigameko, kuyavela ukuthi inqubomgomo yamaphoyisa ebekwe esigabeni-49 seCriminal Procedure Act ayilandelwanga.

“Kudingeka utshele umsolwa ukuthi azinikele angazami lutho, ngokuthi uthi: 'Ima, uma kungenjalo ngizodubula',” kusho uBurger.

“Kumele umemeze ukuze bakuzwe. Akubukeki sengathi amaphoyisa akwenzile lokho.”

USolwazi u-Anthony Minnaar, weSchool of Criminal Justice e-Unisa, uthe ucwaningo luyakuveza ukuthi amaphoyisa awaqeqeshwa ngendlela efanele mayelana nokuthi kumele abhekane kanjani nezimo ezibeka impilo ebungozini, lapho okungadingeka khona basebenzise izulu lezandla.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C High level clouds. Cool. Pta: 2-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 12-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...