Kukhalwa ngebasheshe bazale

2012-12-27 14:32

Durban - Ukuzalwa kwezingane ngoKhisimusi sekugqamise ukwanda kwesibalo sezingane ezizala zisezincane njengoba kuvele ukuthi nakulo Khisimusi ziningi izingane ezizalwe ngabesifazane abasebancane, kubika iSolezwe.

UMnuz Sam Mkhwanazi woMnyango wezeMpilo KwaZulu- Natal, uthe ziyakhathaza izibalo zamantombazane asemancane athola izingane, kulandela ukuvela kwesibalo sezingane ezizalwe ngoKhisimusi.

Uthe uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo, usezwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezingane ezikhulelwa zincane. Uthe ezinganeni ezingu-209 ezizalwe ngosuku lukaKhisimusi, zingu-42 ezizalwe ngomama abaphakathi kweminyaka engu-14 no-19.

UMkhwanazi uthe okubi kakhulu ukuthi izingane eziyisishiyagalolunye kulezi bekungezomama abaphakathi kweminyaka engu-14 no-16.

Ezingu-33 bekungezomama abaphakathi kweminyaka engu-17 no-19.

“Kuyakhathaza kakhulu lokhu ngoba lezi zingane zisezincane kakhulu ukuthi sezingaba ngabazali. UNgqongqoshe usaqhubeka nomkhankaso wokuqwashisa ngokwanda kwezigameko zokukhulelwa kwezingane ezincane. Okunye okuvelayo ukuthi zikhuleliswa ngabantu abadala abasuke beganga ngazo,” kusho uMkhwanazi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 12-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...