Kukhala ipiki nefosholo ePMB ngemuva kwemvula

2013-01-08 11:05

Pietermaritzburg - Izivunguvungu zangeSonto ntambama ezenzeke KwaZulu-Natal eMidlands, ebezihambisana nemimoya efana neyesishingishane, zicekele phansi izingqalasizinda, zawisa nezigxobo eziningi zikagesi ezindaweni ezahlukene.

Izakhamizi ezihleli ngobumnyama kusukela ngeSonto zixwayiswe ngokuthi kungathatha isikhathi ngaphambi kokuba zibuyelwe ugesi, ngenxa yobukhulu bomonakalo.

Ntambama ngoMsombuluko, iziphathimandla azikwazanga ukuqagula ukuthi ugesi ungase ubuye nini.

NgoMsombuluko ezinye izingxenye zasePrestbury, ePelham, maphakathi nedolobha, eHilton, eMontrose, eScottsville, eEastwood, eWoodlands, eMountain Rise, eNorthdale naseMasons Mill bezingakabi nawo ugesi.

Usomlomo kamasipala uBabu Baijoo uthe kuthatha isikhathi ukubuyisela ugesi kwezinye izindawo ngoba kuthinteke izingxenyana hhayi indawo yonke.

Uthe sekubizwe nabezinkontileka ukuba bazosiza; kunethomba lakwa-Eskom kanye nakwabanye omasipala.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-27°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Widely scattered tstorms. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...