Kuhlomule kakhulu i-KZN ezifundazweni
2013-02-27 16:40
Parliament – Isifundazwe iKwaZulu-Natal kube yiso esihlomula kakhulu kwisabelozimali sika-2013, uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe.
Isifundazwe siklanyelwe isamba esingu-R88 billion, kwalandela iGauteng enikwe u-R76.9bn, kuze i-Eastern Cape, yona enikwe u-R59.6bn.
ILimpopo inikwe u-R48.5bn, iWestern Cape kwaba ngu-R41.7bn, iMpumalanga kwaba ngu-R33bn kwathi iNorth-West yanikwa u-R27.7bn.
Isifundazwe esithole kancane kunazo zonke kube yi-Free State enikwe u-R26bn neNorthern Cape ethole-R12.3bn.
“Imali izobheka izidingo zezifundazwe kanye nomasipala kanjalo nokuhanjiswa kwentuthuko kubantu, kwakhiwe amapaki kuqiniswe nezokhungo zokulwisana nemililo.”
I-African National
Congress ithi isabelozimali sikwanywe kahle kakhulu.
"Ngijabule kakhulu ngesabelozimali, sizosebenza kahle ezinhlelweni ezizokuba wusizo," kusho uNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe.
UGordhan uthe isabelozimali sakhe sihambisana nohlelo iNational Development Plan.
UMantashe uthe ukunakekelwa kwezempilo, ezemfundo kanjalo nezokuhlaliswa kwabantu, kungezinye zezinto ezimqoka eqenjini elibusayo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).