Kuhlengwe abanye abavukuzi eWelkom
2012-05-24 10:02
Bloemfontein - Amaphoyisa nethimba lezokutakula sebehlenge abavukuzi abangekho emthethweni abayisishiyagalombili emayini engaseWelkom, kusho okhulumela amaphoyisa ngoLwesine.
UCaptain Steven Thakeng uthe lokhu sekubeka inani labatakuliwe ku-18 kule mayini engasasetshenziswa yakwaHarmony Gold.
Kusolakala ukuthi abanye abavukuzi abane basavaleleke emathunjini omhlaba.
UThakeng uthe abatakuli basebenze ubusuku bonke bezama ukuhlenga la bavukuzi.
Bahlolelwe izifo base beboshelwa ukuba sendaweni engafanele.
Abavukuzi ababili yibona abahlaba umkhosi kulandela lo mshophi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA