Kuhlatshwe isigwebo kolwaseDUT
2012-04-13 07:48
Durban - UNgqongqoshe wezokuThutha,
ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu,
udumele ngesigwebo senkantolo esinike umfundi waseDurban University of
Technology (DUT) owayeshayela imoto eyabulala abafundi abayisithupha
nyakenye, kubika iSolezwe.
UMzuphilile Gadu, 24, uvumile
ukubulala ngokungenhloso abafundi abayisithupha ngoMeyi nyakenye wabe
esegwetshwa iminyaka emithathu kodwa yalengiswa iminyaka emihlanu
ngaphansi kombandela wokuthi angatholakali enza icala elifanayo
ngesikhathi sesigwebo.
Unikwe isigwebo sasendlini
njengoba ezophinde achithe isikhathi esingamahora angu-16 njalo
ngenyanga enza umsebenzi womphakathi mahhala.
UMchunu usihlabe wasihlikiza lesi
sigwebo ethi sizothumela umyalezo ongemuhle kwabanye abashayeli
ababulala abantu emigwaqeni yakuleli.
“Yize sizihlonipha izinqumo
ezithathwa yizinkantolo kodwa sisazosicubungulisisa lesi sinqumo.
SinguMnyango sikholelwa wukuthi abashayeli ababulala abantu emigwaqeni
kumele bathole izigwebo eziqinile. Sizoqhubeka sifuqe umkhankaso
wokucela izinkantolo ukuba ziguqule amacala awokubuala ngokungenhloso
afuze leli abe ngawokubulala,” kusho uMchunu ngokudumala.
Uzwakalise
ukukhathazeka ngokuthi inkantolo ayishongo lutho ngokumisa uGadu ukuba
ashayele imoto futhi kumiswe nelayisensi yakhe yokushayela.
Le ngozi yenzeka ekhoneni
likaManning noClark Road, eGlenwood, kwashona abafundi abayisithupha
ababebuya emcimbini ngoMeyi 18 wonyaka odlule.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24