Kuhlatshwa eyokuzingelwa kobhejane

2012-01-03 10:47

Durban - Isishoshovu esilwisana nokuzingelwa kobhejane ngokungemthetho, sesifakele inselelo usomabhizinisi okhokhe imali ecishe ifinyelele ku-R1 million ukuze azingele ubhejane omhlophe, yokuba aziveze, eshintshise isibhamu sakhe nge-camera, ashuthe ahambe.

USimon Bloch, we-Outraged South African Citizens Against Poaching, ubekhuluma ngemuva kwesimemezelo seZemvelo KZN Wildlife sokuthi usomabhizinisi waseKZN ukhokhe u-R960 000 ukuze athole ilungelo lokuzingela ubhejane omhlophe eMkuze Game Reserve.

Ilungelo litholakale ngemuva kokuba abeZemvelo becele abantu ukuba bafake izicelo kwi-internet zokubulala izilwane, esezingaphezulu kwesibalo esidingekayo.

AbeZemvelo bathi lokhu kwenziwa njalo ngonyaka ngenxa yokugcwala kwesiqhingi, ngakho izilwane kumele zisuswe.

Ukuvulela ithuba lokuzingela izilwane, kungenisa imali yemizamo yokongiwa kwemvelo, kusho isikhulu esiphezulu, uBandile Mkhize.

Kodwa-ke lesi senzo sibacasulile labo abalwela uluhlangula obhejane kulesi sikhathi lapho izinga lokuzingelwa kwezilwane ngokungemthetho linyukile.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C a few tstorms. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...