Kuhlaselwe umuzi kaNzama

2012-09-13 13:31

Durban - Amaphoyisa KwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudubula ekhaya likalowo oyinhloko yamaphoyisa kaMasipala weTheku, u-Eugene Nzama.

Amaphoyisa athi amadoda amane abehlomile agasele emzini kaNzama, eNewlands West ngabo-18:00 ngoLwesithathu.

UNzama nomndeni wakhe bebengekho ekhaya ngaleso sikhathi.

Owamaphoyisa uLieutenant Colonel Vincent Mdunge uthe la madoda abe esekhomba onogada ngesibhamu, abaphuca ezabo, abadubula abalimaza.

UMdunge uthi kumbulwa kwembeswa komunye unogada, kanti lo umunye usesimweni esigculisayo.

Akukaboshwa muntu ngalesi sigameko.

UNzama kumanje ungundabamlonyeni njengoba amaphoyisa alo masipala ethi akehle esikhundleni.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C Morning clouds. Warm. PE: 13-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...