Kuhlaselwe kubo kowe-ANCYL

2012-09-27 12:02

Johannesburg - Amaphoyisa aseqinisekise ukuthi aphezu kophenyo mayelana nokuhlaselwa komuzi kaSihlalo wophiko lwentsha ye-ANC esifundeni iVhembe, eLimpopo.

UBrigadier Hangwani Mulaudzi uthi kube nokudubula okwenzeke ekhaya lika-Aluruli Nelwamondo, eliselokishini iMakwarela, ngaseThoyandou ngoMgqibelo.

"Ngokusho kwemibiko, amadoda amane angene ngodli emzini wakwaNelwamondo," kusho uMulaudzi.

Laba bafuna ngodli ukubona uNelwamondo, kodwa batshelwa ngabafowabo ababili ukuthi akekho ekhaya.

"Amadoda lawa abe esedubula ebhekise kubabafowabo bakaNelwamondo, nokho akubanga khona muntu olimalayo."

Akekho oseboshiwe.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Sunny. Mild. Pta: 18-32°C Showers early. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-27°C Showers early. More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...