Kuhlaselwe amabhasi akwaPutco

2013-02-01 14:03

Johannesburg - Umbiko wamaphoyisa aseSilverton uthi abagibeli bahlasele balimaza amabhasi angu-20, angaphansi kwenkampani yakwaPutco, lokhu kwenzeke ekuseni ngoLwesihlanu, eMamelodi.

"Umbiko uthi abagibeli bebelokhu bexhumana nenkampani kukhulunywa ngokunyuswa kwamanani okugibela," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Jan Sepato.

"Abagibeli kubukeka sengathi bebezwakalisa ulaka lwabo, okungenani angu-20 amabhasi ahlaseliwe."

USepato uthi bekungakaboshwa muntu, uthi amaphoyisa atshalwe endaweni yesehlakalo ukuze ezoqapha isimo.

Uphenyo luyaqhubeka kanti abakwaPutco abatholakalanga kuze bezophawula.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...