Kuhlaselwe abokufika eFree State

2012-07-11 16:40

Johannesburg - Balinganiselwa ku-500 abantu bokufika abasale dengwane kulandela ukuhlaselwa kwabo eBotshabelo, eFree State, kusho abakwaSA Red Cross Society (Sarcs), ngoLwesithathu.

"Konke kuqale ngesikhathi abadayisi bokufika abangenazo izimvume bexoshwa edolobheni iBotshabelo, mhlaka 3 Julayi," kusho isitatimende sakwaSarcs.

Ngabo lobo busuku, abahlali ababethukuthele bahlasela osomabhizinisi abadabuka eSomalia, iseChina kanye nase-Ethopia.

Abahlali bashaqa imali kanjalo nempahla kwase kushiswa izitolo zabo.

"I-Sarcs iyanxusa ukuthi umphakathi welekelele ngezimpahla zokugqoka kanye nokudla kusizwe laba bokufika okumanje basele dengwane. Izingane ezincane azinalutho ngisho lokugqoka."

Amaphoyisa athi isimo sithule ngemuva kwalokhu kuhlasela.

Okhulumela iRed Cross uClaudia Mangwegape uthe kubanjwe umhlangano ohlanganisa abokufika kanjalo namalungu omphakathi ngenhloso yokuzama ukuletha ukuthula.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 11-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...