Kuhlasele ukushisa okuxakile kuleli
2013-01-25 12:01
Johannesburg - Izingxenye eziningi zezwe zingene osukwini lwesithathu lwelanga elikhipha umkhovu etsheni, kusho abeSA Weather Services.
Isangoma sezulu uPuseletso Mofokeng uthe amazinga okushisa abephakathi kuka-35 no-40 degrees kwezinye izindawo eFree State, Northern
Cape, North West, Limpopo, Mpumalanga naseGauteng.
UMofokeng uthe: "Le nyanga yaziwa ngokushisa kakhulu kwelanga."
Lesi simo esishisayo kulindeleke ukuthi size siphele ngoMsombuluko, kanti lizonetha kwezinye izindawo ngempelasonto.
"Kulindeleke imvula engu-60 percent eGauteng kusihlwa," esho.
"Kulindeleke izihlambi zemvula ngoMgqibelo neSonto KwaZulu-Natal, Free State, North West, Limpopo naseMpumalanga."
Abantu baxwayiswa ukuba baphuze amanzi abaningi bazivikele naselangeni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA