Kuhlasele isifo sohudo eKapa

2013-01-14 14:26

Cape Town - Amaphaphu aphezulu edolobheni laseKapa, njengoba sekushone izingane ezimbili zibulawa yisifo esihlobene nokukhishwa yizisu, kusho umbiko ngoMsombuluko.

Lokhu kwenzeke esikhathini esiyizinyanga ezimbili ezedlule.

Iphephandaba iCape Argus likhiphe umbiko othi zingaphezu kuka-2 500, izingane ezithole ukwelashwa emitholampilo, zelashelwa ukukapalata nokuphelelwa ngamandla.

Izingane ezingu-300 zangeniswa ezibhedlela ngenyanga kaDisemba, izingane ezimbili ezineminyaka engaphansi kweyisihlanu ubudala, zagcina ngokuphangalala esibhedlela iTygerberg Hospital, kusho okhulumela uMyango wezeMpilo esifundazweni uFaiza Steyn.

Isikhathi sohudo kulindeleke ukuthi siphakame phakathi kwenyanga kaFebhuwari noMashi.

Uhudo kuthiwa luba mandla kakhulu ehlobo, njengoba kwande amagciwane, ikakhulu ezindaweni eziyimijondolo.






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Yekani ukugxambukela - Muthambi

Emizuzwini eyi-40 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...