Kuhambe kahle kuvulwa izikole eKZN

2013-01-16 12:04

Durban - Izigidi zezingane zibuyele ezikoleni KwaZulu-Natal ngoLwesithathu ekuseni.

Kudaleke isiminyaminya ngasezikoleni eziningi eThekwini ngesikhathi abazali behambisa izingane ezikoleni.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMuzi Mahlambi uthe kubonakala sehlile isibalo sabazali ababhalisa izingane zabo ngosuku lokuvulwa kwezikole.

"Nokho, akungabazeki ukuthi bakhona labo abazibhalisa ngalesi sikhathi ezabo, kodwa sibe nomkhankaso omkhulu, yinina bezindaba, enisisizile ekuwudluliseni emphakathini. Sicabanga ukuthi lokho kusisize kakhulu,” esho.

UMahlambi uthe uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uSenzo Mchunu uhambele isikole iGrantam Park Primary School eRichards Bay, okuyilapho efice khona othisha sebephezu komsebenzi wokufundisa.

Ungqongqoshe kulindeleke ukuba ahambele izikole ezingu-30 ezinsukwini ezintathu ezizayo.

NgoLwesbili izitolo ezidayisa izincwadi esifundazweni bezigcwele kakhulu njengoba abazali bephume ngemizuzu yokugcina okuyothengela izingane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Wesulile esikhundleni uPansy Tlakula

Emizuzwini eyi-11 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...