Kuhamba kahle ukumakelwa kuka-matric
2012-12-06 10:02
Durban - UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uSenzo Mchunu uthi bekungakabikwa zihibe ekumakeleni u-matric esifundazweni, njengoba ethi konke kuhamba ngendlela.
Othisha abangu-9 400 baqale ukumaka amaphepha ka-Grade 12 ngoMgqibelo kanti kulindeleke ukuthi baqede ngoLwesibili, kubika iNewswatch.
Bangu-156 000 abafundi ababhale lezi zivivinyo kulo nyaka, kanti abangu-24 000 kubona abafundi ngokugcwele.
UMchunu uthi ziqinile ezokuphepha ezikhungweni zokumaka, ukuze kugwemeke ukuphazamiseka okungase kube khona.
Uthe abalindeleke lutho olungaba yisithiyo.
"Okwamanje, konke kuhamba ngokohlelo kanti angikaze ngithole zikhalazo. Ngithemba ukuthi imiphumela izoba ngcono kuneyangonyaka ofile."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24