Kuhamba kahle ngama-ARVs e-E Cape
2012-12-11 10:57
Johannesburg - Azikho izinkinga esinazo ngokuhlinzeka imishanguzo yegciwane lengculazi nesandulela salo e-Eastern Cape, kusho uMnyango wezeMpilo esifundazweni ngoLwesibili.
"Azikho izinkinga ezibhekene noMnyango. Uhlelo ebesinalo bekungolokugwema izinkinga zokuhlinzeka ngama-ARVs ngesikhathi samaholidi. Asikho nesisodwa isikhungo sezempilo e-Eastern Cape esingenawo ama-ARVs," kusho okhulumela uMnyango uSizwe Kupelo.
Esitatimendeni sangoMgqibelo, iTreatment Action Campaign (TAC) ithe zilinganiselwa ku-30 izibhedlela kanye nemitholampilo engu-350 esengcupheni yokushodelwa ama-ARVs.
Ukuphazamiseka kohlelo lokuhlinzeka ngemishanguzo lwadalwa ngabasebenzi, abangenela isiteleka esingekho emthethweni eMthatha, kusho i-TAC.
UKupelo uyiphikisile indlela ebona ngayo i-TAC.
"Sinethimba elibekwe edepho eseMthatha, ukusiza khona kanti futhi kunodokotela ababili abanikezela ngemithi abaphuma eMnyangweni kazwelonke nabo abayiswe kule ndawo,” usho kanje.
Abasebenzi abangu-29 abangenela isiteleka esingekho emthethweni bamiswa emsebenzini kanti ezikhundleni zabo kwafakwa abanye ababambile, usho kanje.
Kusukela lapho sekukhangiswe ngezikhala zomsebenzi ezingu-25, ukuze kutholakale abazongena kulezi zikhala.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).