Kugxijwe isiphakamiso sikaZuma ngeyomhlaba

2012-06-27 14:31
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Inhlangano i-AfriForum igxeke uMengameli Jacob Zuma ngokuhlaba uhlelo lokuthi abanikazi bomhlaba kumele bawudayise uma kukhona abazimisele ngokuwuthenga.

"I-ANC ilokhu iqhubekile nokuthi lolu hlelo luhambisa kancane izinto, kodwa bayishaya indiva inkohlakalo ebusa eMnyangweni wezokuBuyiselwa koMhlaba," kusho okhulumela i-AfriForum uCornelius Jansen van Rensburg.

Evula ingqungquthela ye-ANC yokudingida imigomo eMidrand ngoLwesibili, uZuma ugcizelele ekutheni kubuyekezwe imigomo, ikakhulukazi eyokubuyiselwa komhlaba kubanikazi.

UZuma uthi lolu hlelo ngeke lusebenze ngenxa yokuthi abantu abaningi kuleli bampofu.

Uthi uma kuqhutshekwa nalo mgomo kuyochaza ukuthi bayoba baningi abantu angeke babuyelwe umhlaba wabo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 7-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: 9-19°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 14-23°C Sunny. Mild. PE: 12-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...