Kugxekwe ukubulawa kwabalimi eF State

2013-01-18 12:02

Johannesburg - Isifundazwe iFree State sithi ngeke sikwazi ukumelana nokuhlaselwa kwabalimi, kucashunwe uNdunankulu u-Ace Magashule esho kanje ngoLwesihlanu.

Iphephandaba iVolksblad liphinde lacaphuna uMagashule enxusa ukuba kuthathelwe izinyathelo ezinqala labo abasabisa abalimi.

Isifundazwe saseFree State sesibe nezigameko ezinhlanu zokuhlasela emasontweni amathathu selokhu kuqale u-2013, okushone kuzo abantu ababili.

Okhulumela uMagashule, uWisani Ngobeni utshele iphephandaba ukuthi undunankulu akahambisani nokuhlasela okubhekiswe kubalimi futhi ufuna abenzi bokubi babhekane nengalo yomthetho.

“Isifundazwe ngeke sikwazi ukuyimela eyokuthi kusatshiswe abalimi. La balimi babamba iqhaza elibalulekile emnothweni wakuleli,” kusho umbiko ucaphuna uNgobeni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Bayagana abasebenzisa umuthi ka-R2.50!

Emizuzwini eyi-9 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C Showers late. More clouds than sun. Mild. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...