Kugxekwe owe-DA eKZN ngokungayi eNkandla

2012-11-08 08:29

Durban - Usekhonjwa ngenjumbane umholi we-DA KwaZulu-Natal uSizwe Mchunu ngokungabi yingxenye yalabo ababeye kohlola umuzi kaMengameli Jacob Zuma eNkandla ngempelasonto, kusho umbiko ngoLwesine.

Kuthiwa ukungabi khona kukaMchunu kulolu hambo sekudale uqhekeko emalungwini eqembu kanti kukhulunyiwe ngakho ngoMsombuluko ebusuku emhlanganweni weqembu esifundazweni, kubika iphephandaba iThe Mercury.

Amaphoyisa ajikisa uHelen Zille, nongumholi weDemocratic Alliance, nalabo ayehamba nabo ngesikhathi bethi bayohlola umsebenzi oqhubekayo ka-R248 million emzini kaZuma ngeSonto.

Ngokwaleli phephandaba, abangaphakathi eqenjini basola uMchunu ngokudansela isigingci sikaNdunankulu uZweli Mkhize.

UMkhize wafonela uZille noMchunu ngesonto eledlule ethi abahoxise uhambo lwabo olubheke eNkandla ngoba kungase "kube khona udlame".

UMchunu uthi akakwazanga ukuya eNkandla ngenxa yokuthi ubematasa nokunye, hhayi ngoba ubesaba ngoba kunezinsongo zokufa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Olwamanqamu ku-Oscar namhlanje

Emizuzwini eyi-20 edlule
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 12-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...