Kugxekwa ukunyukana kwamaphoyisa
2012-05-04 14:48
Johannesburg - IKhabhinethi ligxeke
umdonsiswano oqhubekayo phakathi kwamaphoyisa aphezulu, lanxusa ukuba akuyeke,
kusho uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uCollins Chabane ngoLwesihlanu.
"Lokhu kulungqofana emphakathini
akuyiqinisi imizamo kahulumeni yokulwisana nobugebengu ezweni,” utshele
izintatheli, kulandela umhlangano weKhabhinethi obanjwa njalo ngemuva
kwamasonto amabili.
"IKhabhinethi linxuse
amaphoyisa (SAPS) ukuba angathiyeki ekulwisaneni nodlame ukuze kuqinisekiswe
ukuthi umthetho uyalandelwa ezweni.”
UChabane uthe iKhabhinethi
lizwakalise ukukhathazeka ngemibiko yamacala aphezulu kanye nokungcola
okwenziwa amaphoyisa.
Lokhu kwehlisa isithunzi
nethemba abantu okumele babenalo kwezokuphepha kwezwe.
Ngaphezulu
kwalokho, iKhabhinethi liyaqhubeka nokugxeka labo abahlukumeza abesifazane,
intsha nezingane ezincane.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA