Kugxekwa iphoyisa ngolwaseMarikana

2012-10-30 12:53

Johannesburg - Uchwepheshe ekuhloleni indawo yesigameko oyiphoyisa wahluleka ukuchibiyela kahle umqulu ngokudutshulwa kwabavukuzi ebabebhikisha, kusho ikhomishana yophenyo ngodaba lwaseMarikana ngoLwesibili.

Izindaba zeSABC zibike ukuthi lokhu kube ngumbono kaDumisa Ntsebeza, nomele imindeni yezisulu ezabulawa ngesikhathi zidutshulwa amaphoyisa ngasemayini iLonmin, eNorth West.

Usole iphoyisa uLieutenant Colonel Cornelius Johannes Botha ngokungalandeli imigudu efanele ngesikhathi ebika ngalolu daba.

UBotha uphendule ngokuthi akakwazanga ukulandela le migudu ngenxa yokuphuthuma kwesimo.

NgoMsombuluko, uNtsebeza uqale ukupheka uBotha ngemibuzo ngosuku lwesibhicongo sika-Agasti 16.

Le khomishana, eholwa nguJaji Ian Farlam, iqale ukulalela izimvo zomphakathi ngalolu daba.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

I-ANC ichayise i-DA kolukaZuma neNkandla

Emizuzwini eyi-18 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...