Kugxekiwe ukudlwengulwa kukagogo waKwaDindi

2013-02-21 16:42

Durban - Abophiko i-African National Congress Women's League KwaZulu-Natal, sebekugxekile ukudlwengulwa kukagogo, 91, wasendaweni yaKwaDindi, eVulindlela, ngaphandle kwaseNgungundlovu.

"Uphiko luyakugxeka lokhu kwenza okungubulwane, siyacela abeSA Police Service baqinisekise ukuthi umsolwa uyabanjwa," kusho okhulumela i-ANCWL uNonhlanhla Khoza.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Joey Jeevan, utshele iphephandaba iThe Witness, wathi ugogo udlwengulwe eselungiselela ukuyolala.

Lesi sehlakalo senzeke ngeSonto, ngezithuba zawo-21:00 ebusuku, kuthiwa ugogo uzwe kukhona ongqongqozayo emnyango nasewindini kodwa waziba.

Indoda abiphethe umese ingene ngewindi, yafike yamdlwengula kwaze kwasa emnyango, kusho uJeevan.

Kuthiwa indoda isabise ugogo yamfuna nemali.

"Kuyasabisa futhi kuwubulwane," kusho uKhoza.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UMeyiwa akalalanga uguqe ngamadolo

Emizuzwini eyi-1 edlule
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...