Badinwe bagana unwabu kudedelwa umsolwa
2013-01-02 13:02
Cape Town - Umphakathi waseParkwood, eKapa, uvuke umbhejazana ufuna ukudla ngamazinyo indoda ededelwe ngebheyili, nengumsolwa ekunyamalaleni kwentombazanyana eneminyaka engu-12 ubudala.
Abantu abadala nabancane bangene emgwaqeni befuna la uGerald Croudes, 62, kwathi uma bengamtholi bakhiphela isibhongo komunye umlisa mumbe oneminyaka engu-60 ubudala.
Amaphoyisa athi sekuvulwe icala lokuzama ukubulala.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLieutenant-Colonel André Traut uthi izakhamizi “zivuke zama ngezinyawo” ngemuva kokuzwa ukuthi uCroudes, unikwe ibheyili, ngoMsombuluko.
Lona usolwa ekunyamalaleni kukaJennifer Williams, 12.
UWilliams wagcina ukubonakala mhlaka-20 Disemba, ngesikhathi eya emzini kadadewabo eParkhurst Walk, khona eParkwood.
Sekutholakale isidumbu somuntu esesiqala ukonakala, okwamanje asikahlonzwa.
Umama wentombazane uRachel Williams, ukhulume nephephandaba iCape Argus, waziqhelelanisa nalokhu kuhlasela.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24