Kugwilize umfana, 7, eLimpopo

2012-12-07 14:41

Polokwane - Umfanyana oneminyaka eyisikhombisa ubudala uminze eMamatsha Dam, eGa Moleopo, eLimpopo, kusho amaphoyisa esifundazwe.

ULesetja Tebogo Tjale ubedlala ngasedamini nabangani ababili ngabo-15:00 ngoLwesine, kusho uConstable Moses Molepo esitatimendeni.

Abangani bakaTjale babone sekudlule isikhathi ukuthi umngani wabo akasadlali nabo, unyamalele.

Babe sebehlaba umkhosi, izakhamuzi zabikela amaphoyisa.

Isidumbu sikaTjale sibe sesitholakala edamini.

Amaphoyisa avule idokodo ngokufa komuntu kwase kudonswa abazali ngezindlebe ukuba baqikelele ekutheni bayazigada izingane zabo ngaso sonke isikhathi.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-29°C Showers late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 15-25°C Showers late. More clouds than sun. Mild. Bloem: 15-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-23°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-22°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...