Kugwilize ingane eVanderbijlpark
2012-05-09 12:27
Johannesburg - Kugwilize ingane yomfana eneminyaka eyisihlanu ubudala ngesikhathi iwela ku-swimming pool eVanderbijlpark, kusho abezimo eziphuthumayo.
Le ngane itholakale ngabo-10:00 emzini lapho ugogo wayo esebenza khona, kusho okhulumela iNetcare911 uJeffrey Wicks.
Uthe le ngane ibizizulela egcekeni ngesikhathi ihlangabezana nalo mshophi.
"Abosizo lokuqala bafike le ngane isikhishiwe ku-swimming pool."
UWicks uthe imizamo yokuhlenga lo mfanyana imbuntshile njengoba eshonele endaweni yesehlakalo.
-
Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA