Kugwetshwe owakuleli ngelokubulala e-UK

2011-11-16 10:44

Cape Town - Owesilisa wakuleli usegwetshwe udilikajele e-United Kingdom ngokubulala ingane eneminyaka eyisithupha ubudala ngokokheya ikhaya layo ngomlilo, kubike iphephandaba elizimele laseLondon ngoLwesithathu.

Ijaji lithe uGeorge Sithole, 41, uzochitha iminyaka engekho ngaphansi kuka-17 esejele ngokubulala uDumo Sibanda.

USithole wokhela umlilo owabulala uDumo ngoba edinwe ukuthi buphelile ubudlelwane bakhe nomngane wasemndenini.

Wayesola uSiphephile Mercy Mlalazi, owaziwa ngelikaMercy, ngokujola eceleni, kuthiwa wayemsingela ngemiqhafazo nasocingweni, kubike iphephandaba.

USithole waya kulo muzi ehlome ngophethiloli nomentshisi, kulo muzi yilapho uMlalazi ayehlala khona nomndeni kaDumo ngo-Okthoba 26, 2004. ngemuva kwemizuzwana nje indlu yabe isingamalangabi.

UMlalazi nomngani wakhe uDonald Sibanda baphuma ngamawindi.

UDumo, indodakazi kaSibanda, washonela lapho.

Imizamo yabosizo lokuqala yehluleka ukumhlenga.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 16-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...