Kugwetshwe isitshudeni ngelokudlwengula eKZN

2012-12-04 10:05

Durban - Isitshudeni sase-University of Zululand sigwetshwe iminyaka eyisishiyagalombili sibhadle ejele yiNkantolo yesiFunda eNgwelezane ngokudlwengula esifunda naye.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe lo mfundi, 26, nogama lakhe kunguMuziwandile Moses Zungu wayeshela isisulu, 19, ngoFebhuwari ngonyaka ofile.

Intombazane yabe isisichitha isicelo sakhe, nokuyilapho-ke uZungu “ayihudulela egumbini lakhe lokulala” wase eyidlwengula.

Amaphoyisa aseRichards Bay aqala ngokuphenya ngaleli cala ngaphambi kokulidlulisela ophikweni oluphenya ngamacala ahlobene nodlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane nokunukubeza ngokocansi eMpangeni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C High level clouds. Mild. Pta: 12-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 9-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 3-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 15-20°C Showers early. More sun than clouds. Cool. PE: 12-19°C Broken clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...