Kugwetshwe iphoyisa ngelokukhwabanisa
2012-03-29 12:05
Johannesburg - Owayeyiphoyisa
owaqoshwa ngo-2008 amukela u-R100 nesiklabhu esiphilayo okwakuyingxenye
yokugwazelwa, usegwetshwe yiNkantolo yaMantshi yasePitoli iminyaka emihlanu
ebhadla ejele, kubike iphephandaba iBeeld ngoLwesine.
UCaptain
Richard Stevens Makhene, 54, ngoLwesithathu uthole isigwebo seminyaka
eyisikhombisa, emibili kuyona yalengiswa.
IMantshi
uBen van Schalkwyk unqabele uMakhene ukuba alidlulise icala.
Wayeyinhloko
yophiko olunqanda ubugebengu esiteshi samaphoyisa eHammanskraal ngesikhathi
abasebenzi bohlelo lukamabonakude iCarte Blanche bemqopha ngekhamera efihliwe
egwazelwa.
Leyo video
yabe isisetshenziswa njengobufakazi enkantolo, yaqinisa ubufakazi bukaStephen
Smith, othe uMakhene namanye amaphoyisa amane babuyisela imoto yakhe eceleni,
bathola ukuthi abantu abathathu ayehamba nabo bakuleli ngokungemthetho.
UMakhene
wabe esetshela uSmith ukuthi kuyicala ukuqasha abantu abangene kuleli
ngokungemthetho, cishe angahlawuliswa u-R25 000 ngalokho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA