Kugwetshwe amaphoyisa ngokufa kwabasolwa

2012-08-13 07:49

Durban - Amalungu amabili eSAPS Ulundi Task Team agwetshwe iminyaka engu-34 ebhadla ejele ngokuthumba, ukubulala ngokungenhloso namacala amabili okubulala.

Lokhu kwenzeka ezigamekweni ezimbili ezingafani.

Isigameko sokuqala senzeka ngoMeyi 2009, ngesikhathi oConstable Lucky Khumbulani Mdluli noBonwayinkosi Nxumalo – namalungu ophiko oluqapha udweshu emphakathini uWarrant Officer Maxwell Nsibande noConstable Nkosinathi Dlamini noThembisani Zulu – bezifikela mathupha kubasolwa abakhonjwa ngoxhaxha lwezigameko ezishaqisayo oLundi naseMelmoth.

Owe-Independent Police Investigative Directorate’s (IPID) uMoses Dlamini uthe leli thimba laya eNkandla lifuna uNathi Nkwanyana, nowayehlala nentombi yakhe uNonhlahla Ntanzi.

“Babayisa ehlathini, nalapho bahlukunyezwa khona uNkwanyana waze washona."

Esigamekweni sesibili ngoMeyi 29, amalungu alolu phiko aphinde abandakanyeka esigamekweni esaholela ekushoneni kukaLungani Biyela.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...