Kugwetshwe abadlwenguli eKZN

2013-07-02 16:04

Durban - Emasontweni amabili edlule, bangu-16 abantu ababoshiwe belahlwa ngamacala okudlwengula, kusho umbiko wamaphoyisa KwaZulu-Natal.

Ababoshiwe bebeyingxenye yabantu abangu-173 ababoshelwa amacala okudlwengula, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane.

Abagwetshiwe bebevele ezinkantolo ezahlukene esifundazweni, bathole isigwebo seminyaka engu-103, sihlanganisiwe.

Oyedwa kulaba uthole udilikajele, wadlwengula ngoDisemba ngonyaka odlule, laba baboshwa phakathi komhlaka-14 Juni, kuya ku-16 Juni.

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni uthe: "Izigwebo zithumela umlayezo oqinile kubantu abasacabanga ukwenza amacala. Kumele bazi ukuthi amaphoyisa azobafuna abathole bese begwetshwa."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...